YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseKorinte 12:6-7

2 kwabaseKorinte 12:6-7 ZULUNT

Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, angiyikuba yisiwula; ngokuba ngizokhuluma iqiniso, kepha manje ngiyayeka, funa kube khona ocabanga ngami ngaphezu kwalokho angibona ngiyikho, noma lokho akuzwa kimi. Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.