YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase-Filipi 4

4
KwabaseFilipi 4
1Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami.
2Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini.
3Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.
4Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.
5Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.
6Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
8Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
9Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
10Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba.
11Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso.
12Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela.
13Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
14Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami.
15Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.
16Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami.
17Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu.
18Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
19Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.
20Makube kuNkulunkulu uBaba wethu inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
21Khonzani kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza kini.
22Bayakhonza kini bonke abangcwele, ikakhulu abendlu kaKesari.
23Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (KwabaseFiliphi ilotshwa nguEphafrodithu eseRoma.)

Currently Selected:

Kwabase-Filipi 4: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in