IzEnzo 16:25-26
IzEnzo 16:25-26 CZB24
Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa. Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.