YouVersion Logo
Search Icon

Johane 16

16
Johane 16
1Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze lingakhubeki.
2Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
3Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.
4Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.
5Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?
6Kodwa ngokuba ngikhulume lokho kini, usizi lugcwele enhliziyweni yenu.
7Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
8Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela;
9ngesono, ngoba bengakholwa kimi;
10Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;
11ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe.
12Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje.
13Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona.
15Konke uBaba anakho kungokwami;
16Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.
17Khona abanye kubafundi bakhe bakhuluma bodwa, bathi: “Kuyini lokhu akusho kithi ukuthi: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone?
18Bathi-ke: “Kuyini lokhu akushoyo ukuthi: ‘Okuyisikhashana; asazi ukuthi uthini.
19UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na?
20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;
21Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;
22Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.
23Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
24Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
25“Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;
26Ngalolosuku lizacela ebizweni lami;
27Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.
28Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni;
29Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso.
30Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.
31UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na?
32Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
33Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.

Currently Selected:

Johane 16: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in