YouVersion Logo
Search Icon

Luka 4:5-8

Luka 4:5-8 CZB24

USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.