Izaga zikaSolomoni 6:16-19
Izaga zikaSolomoni 6:16-19 CZB24
Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye. Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala; Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini; Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.