1
IGenesisi 3:6
IsiZulu 2020
Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.
比較
IGenesisi 3:6で検索
2
IGenesisi 3:1
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
IGenesisi 3:1で検索
3
IGenesisi 3:15
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
IGenesisi 3:15で検索
4
IGenesisi 3:16
Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”
IGenesisi 3:16で検索
5
IGenesisi 3:19
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
IGenesisi 3:19で検索
6
IGenesisi 3:17
Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho.
IGenesisi 3:17で検索
7
IGenesisi 3:11
Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”
IGenesisi 3:11で検索
8
IGenesisi 3:24
Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.
IGenesisi 3:24で検索
9
IGenesisi 3:20
Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.
IGenesisi 3:20で検索
ホーム
聖書
読書プラン
ビデオ