EkaJakobe 1:1-3
EkaJakobe 1:1-3 ZUL59
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo. Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

