UGenesise 4
4
OKayini no-Abela
1U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” 2Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi. 3Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. 5Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.
6UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? 7 Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”
8 UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.
9Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?”
Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?”
10 Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. 11Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho. 12Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”
13Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. 14Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”
15Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale. 16Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.
Inzalo kaKayini
17UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe. 18U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.
19ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila. 20U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo. 21Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo. 22USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.
23ULameka wathi kubo abafazi bakhe:
“Ada noSila, yizwani izwi lami;
nina bafazi bakaLameka,
lalelani ukusho kwami:
Bhekani, ngibulala umuntu
ngenxeba engilitholayo,
nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.
24Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,
kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa,
aphindwe kasikhombisa.”
25U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.” 26Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.
Đang chọn:
UGenesise 4: ZUL59
Tô màu
Chia sẻ
Sao chép
Bạn muốn lưu những tô màu trên tất cả các thiết bị của mình? Đăng ký hoặc đăng nhập
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: