Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:20

Phefumulela Intshiseko Yomoya Emshadweni Wakho
Izinsuku ezingu-7
Ithathwe encwadini yakhe entsha ethi "A Lifelong Love," uGary Thomas ukhuluma ngezinjongo zaphakade zomshado. Funda amathuluzi asebenzayo ukusiza ukwakha umshado wakho ube ubudlelwano obukhuthazayo, ukusabalalisa impilo engokomoya kwabanye.

Phumula Ekuqhathaniseni Uhlelo lwezinsuku Eziwu-7 Ngo-Anna Light
Izinsuku ezingu-7
Uyazi ukuthi uNkulunkulu ukupha ukuphila okuchichimayo kunalena oyiphilayo, kodwa iqiniso elibuhlungu liwukuthi isiqhathaniso siyakuvimbela ukuba uye kwelinye izinga. Kulolu hlelo lokufunda u-Anna Light wembula imininingwane ezophazamisa ukuqhathaniswa kwesembozo emakhonweni akho, futhi ikusize uphile impilo ekhululekile nechichimayo uNkulunkulu ayidalele wena.

Zilwele
Izinsuku eziwu 10
Ziningi izimpi okusamele sizilwe kodwa asilwi ukuze sizuze ukunqoba; silwa kusukela ekunqobeni osekuzuzwe esiphambanweni. Kunezitha ezithile uNkulunkulu akukhipha kuzo, kodwa zikhona ezinye izitha akunika amandla okuzibusa. Ukukhululwa yilokho uNkulunkulu akwenzayo kuwe; ukubusa yilokho Akwenza ngawe.

Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo Eyengeziwe
Izinsuku eziwu 14
ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.