AmaHubo 57

57
Umkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla ebalekela uSawule emphandwini.
1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu;
yiba nomusa kimi.
Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe;
ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho,
zize zidlule izinhlupheko.
2Ngizakukhala kuNkulunkulu oPhezukonke,
kuNkulunkulu ongifezelayo.
3Uyakuthumela esezulwini, angisindise
mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela*
UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.
4 Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama;
ngilala kwabavutha umlilo,
abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo,
abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
5Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo ibe phezu komhlaba wonke.
6 Izinyathelo zami bazibekele ugibe;
umphefumulo wami ugobile;
bembile igebe phambi kwami,
kwakhalakathela bona kulo. Sela*
7 Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;
inhliziyo yami iduduzekile;
ngizakuhlabelela, ngihube.
8 Vuka, mphefumulo wami;
vukani, lugubhu nehabhu!*
Ngizakuvusa ukusa.
9Ngizakukubonga, Nkosi,
phakathi kwabantu,
ngikudumise phakathi kwezizwe.
10 Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
11Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 57: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume