IsAmbulo 21
21
Izulu elisha nomhlaba omusha
1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. 3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, 4 azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”
6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. 8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Inkazimulo yeJerusalema lasezulwini
9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.” 10Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu, 11 unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo, 12 unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; 13ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu, nangasenyakatho amasango amathathu, nangaseningizimu amasango amathathu, nangasentshonalanga amasango amathathu. 14 Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.
15 Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. 16Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. 17Walinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, yisilinganiso somuntu esingesengelosi. 18Nogange lwawo lwakhiwe ngejaspi*, nomuzi wawungowegolide elihle, linjengengilazi ecwebezelayo. 19 Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anenani elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi*, esesibili yisafire*, esesithathu yikhalkedoni*, esesine yisimaragidu*, 20esesihlanu yisaridonikisi,* esesithupha yisardiyu,* esesikhombisa yikrisolithe,* esesishiyagalombili yibherile,* esesishiyagalolunye yitopazi,* eseshumi yikrisoprasi,* eseshumi nanye yihiyakinte,* eseshumi nambili yi-amethiste.* 21Amasango ayishumi nambili ayengamaparele* ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.
22Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. 24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo; 25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; 26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe. 27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.
Okuqokiwe okwamanje:
IsAmbulo 21: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: