2 USamuweli 8

8
Ukunqoba KukaDavide Amazwe
1 Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.
2 Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3 UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe. 4 UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.
5 Ama-Aramu aseDamaseku afika ukuzosiza uHadadezeri, inkosi yaseZobha. UDavide wabulala ama-Aramu ayizi-22 000. 6 UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazingezezinceku zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema. 8 Inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu emizini kaHadadezeri, iBhetha neBherothayi.
9 UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri, 10uThoyi wathumela uJoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuba ayombingelela futhi ambusise, ngenxa yokuba wayelwe noHadadezeri, wamnqoba. UHadadezeri wayevamise ukulwa noThoyi. UJoramu wayephethe izinto ezenziwe ngesiliva, ngegolide, nangethusi.
11 Nalezo, inkosi uDavide yazehlukanisela uSimakade nesiliva negolide eyayilehlukanisile livela ezizweni zonke eyayizinqobile: 12 e-Aramu, kwaMowabi, kubantu bakwa-Amoni, kumaFilisti, kuma-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha.
13 UDavide wayesezenzele igama ekubuyeni kwakhe, wayesebulele ama-Aramu ayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.
14 Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
15UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo. 16 UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane; 17 uZadoki, indodana ka-Ahithubi no-Ahimelekhi, indodana ka-Abhiyathara, bengabaphristi; uSeraya engumbhali; 18 uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume