IZenzo 6

6
Amadoda Ayisikhombisa Akhethwa Ukuba Aphathe Abampofu
1 Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla. 2Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. 3 Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi. 4Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”
5 Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya. 6Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.
7 Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.
UStefani Umangalelwa Emphakathini
8 UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. 9Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani. 10 Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.
11 Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.”
12Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini. 13 Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho, 14ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.”
15Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Okuqokiwe okwamanje:

IZenzo 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume