UJobe 29

29
Inkulumo Yokugcina KaJobe Isaqhubeka
1 UJobe wabuye waqhubeka nenkulumo yakhe, wathi:
2 “Sengathi ngabe nginjengasezinyangeni ezedlule,
nanjengasezinsukwini lapho uNkulunkulu ayengiqaphile,
3 lapho isibani sakhe sasikhanya
phezu kwekhanda lami,
ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
4 njengoba nganginjalo ezinsukwini zobunsizwa bami,
lapho ubukhona bukaNkulunkulu
babuphezu kwethende lami,
5lapho uSomandla esenami,
nabantwana bami besangizungezile,
6 lapho izinyathelo zami
zazigezwa ezaqheqheni,
nedwala elaliseduze kwami
lalingithelela imifula yamafutha.
7 “Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi,
nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
8izinsizwa zazingibona maqede zicashe,
izimpunga zisukume zime,
9 izikhulu ziyeke ukukhuluma,
zibeke izandla zazo emilonyeni,
10 izwi lezikhulu lalithuliswa,
ulimi lwazo lunamathele olwangeni.
11 Indlebe engizwayo, yayithi ngibusisiwe,
neso elingibonayo lingifakazela,
12 ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo,
nezintandane ezingenamsizi.
13 Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi,
ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.
14 Ngembatha ukulunga,
kwaba njengesembatho kimi,
ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
15Ngaba ngamehlo abayizimpumputhe
nezinyawo zabayizinyonga.
16 Ngaba nguyise wabantulayo,
ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.
17 Ngayifahlaza imihlathi yongalungile,
ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18“Ngase ngithi:
‘Ngizofela emzini wami;
izinsuku zami ngizandise
zibe ngangesihlabathi.
19 Impande yami iyokwenabela emanzini,
kulale amazolo egatsheni lami
ubusuku bonke;
20 udumo lwami luba lusha njalo,
nomnsalo wami wenziwe musha
esandleni sami.’
21 “Abantu bebengilalela,
balinde,
bathule cwaka,
balalele iseluleko sami.
22 Uma sengikhulumile kwakungaphinde kukhulume muntu,
amazwi ami ayeconsela phezu kwabo njengamazolo.
23Babengilindela njengemvula,
bakhamise imilomo yabo
njengonxanele imvula yasentwasahlobo.
24Ngabahleka bangakholwa,
ukuchachamba kobuso bami abakuqedanga.
25 Ukuba ngangikhethe izindlela zabo,
ngangizohlala ngingumholi,
nginjengenkosi phakathi kwamabutho,
njengoduduza abalilayo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 29: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume