UJobe 31

31
Inkulumo Yokugcina KaJobe Isaqhubeka
1 “Ngenza isivumelwano namehlo ami,
ngingayibuka kanjani
intombi ngokukhanuka na?
2 Kanti siyini isabelo
ebesiyakuvela kuNkulunkulu kweliphezulu,
nefa ebeliyakuphuma kuSomandla ekuphakameni na?
3 Inhlekelele ayehleli yini abangalungile,
nengozi izikhohlakali na?
4 Ngabe akaziboni yini izindlela zami,
azibale zonke izinyathelo zami na?
5 “Uma ngihambe ngokukhohlakala,
nonyawo lwami lusheshile ukuya enkohlakalweni,
6 mangilinganiswe esilinganisweni esilungileyo,
ukuze uNkulunkulu abuvume ubuqotho bami.
7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,
nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami,
uma kunamathele isisihla esandleni sami,
8 mangitshale, kudle omunye,
impela mazisishulwe izithelo zami.
9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane,
ngacutha emnyango womakhelwane wami,
10 umkami makagayele omunye,
kuguqe abanye phezu kwakhe.
11 Ngokuba lokho kuyichilo,
necala elifanele ukujeziswa;
12 lokho kungumlilo
oqothula kuze kube sekubhujisweni,
uyosiphula yonke inzuzo yami.
13 “Uma ngingalumelanga udaba lwesigqila sami
sesilisa noma sesifazane
lapho sikhononda ngami,
14ngiyokwenzenjani lapho uNkulunkulu esukuma na?
Lapho engiphenya,
ngiyophendula ngithini na?
15 Yena owangibumba esiswini,
akusiye yini owabenza nabo na?
Akamunye yini owasibumba esizalweni na?
16 “Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo,
ngenza amehlo omfelokazi
ukuba afiphale,
17 ngaludla ngedwa ucezu lwami lwesinkwa,
ngayincisha intandane,
18ngokuba kusukela ebusheni bami
ngayikhusela intandane njengoyise,
kwasesiswini sikamame
ngingumholi wabafelokazi,
19 uma ngibona obhubhayo
ngenxa yokweswela isembatho,
noma ontulayo engenakho okokwembatha,
20umzimba wakhe ungangithokozisi;
engafudunyezwanga ngoboya bezimvu zami,
21 uma ngiphakamisele intandane isandla
ngoba ngibona ukuthi
nginabalandeli esangweni,
22 uma kunjalo ihlombe lami
malihleshulwe esiphangeni,
nengalo yami yephulwe enkothweni yayo.
23 Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele
eyehliswa nguNkulunkulu;
anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.
24 “Uma igolide ngilenze ithemba lami,
ngathi egolideni elicwengekile:
‘Ngethemba wena;’
25 uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu
nangukuthi isandla sami siyizuzile;
26 uma ngibone ukukhanya
ukuthi kuyakhazimula,
nokuthi inyanga ihamba icwazimula,
27 inhliziyo yami yayengeka esithe,
ngaqabula isandla sami,
28 nalokho kuyisono esimele ukujeziswa,
ngokuba bengizobe ngimphikile
uNkulunkulu phezulu.
29 “Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo,
ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,
30 kodwa angiwuvumelanga umlomo wami
ukuba wone
ngokucela impilo yakhe ngokuyiqalekisa.
31 Uma abendlu yami bethi:
‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama
etafuleni likaJobe na?’
32 Abafokazi abalalanga emgwaqweni,
ngayivula iminyango yami,
33 uma ngisibekele iziphambeko zami
njengo-Adamu,
ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
34 ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,
ngaba novalo lokwedelelwa ngabomndeni,
ngaze ngathula,
nokho angiphumanga emnyango.
35 Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na?
Nantu uphawu lwami,
uSomandla makangiphendule.
Sengathi ngabe nginencwadi yecala
ayilobileyo omelana nami!
36Impela, bengiyakuyithwala emahlombe ami,
ngiyibophele kimi njengomqhele wami,
37 ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,
ngisondele kuye njengenkosi.
38 “Uma umhlaba wami ukhonondile ngami,
nemisele ekuwo yakhala kanyekanye;
39 uma izithelo zawo
engizidlile ngingazikhokhelanga,
ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;
40 makumile ameva esikhundleni sikakolo,
nokhula endaweni yebhali.”
Aphela lapha amazwi kaJobe.

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 31: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume