I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

NgokukaMathewu 6:10-15

NgokukaMathewu 6:10-15 ZUL20

mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:10-15