Kwabase-Filipi 2:3-7
Kwabase-Filipi 2:3-7 ZULUNT
Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu; owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga; Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;



