I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

1 kwabaseThesalonika 5:8-11 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

1 kwabaseThesalonika 5:8-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

1 kwabaseThesalonika 5:8-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa, ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Khristu, owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. Ngakho-ke gqugquzelanani, nakhane njengalokhu nenza.

1 kwabaseThesalonika 5:8-11 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nothando; nesigqoko sokuzivikela, ithemba lensindiso. Ngoba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuzuza insindiso ngeNkosi yethu uJesu Kristu; owasifelayo, ukuze kuthi, loba siphaphama kumbe silele, siphile kanye laye. Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.

1 kwabaseThesalonika 5:8-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)