KwabaseKolose 4:2-4 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
KwabaseKolose 4:2-4 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
KwabaseKolose 4:2-4 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga. Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo, ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
KwabaseKolose 4:2-4 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga; nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo; ukuze ngibonakalise, njengoba kufanele ngikhulume.
KwabaseKolose 4:2-4 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)