I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseGalathiya 5:4-6 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KwabaseGalathiya 5:4-6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.

KwabaseGalathiya 5:4-6 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Nahlukene noKhristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.

KwabaseGalathiya 5:4-6 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

UKristu uye waba yize kini, nina enilungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa. Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.

KwabaseGalathiya 5:4-6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)