I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

U-Isaya 53:4-5 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

U-Isaya 53:4-5 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

U-Isaya 53:4-5 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kodwa yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kepha thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.

U-Isaya 53:4-5 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Yebo, wathwala usizi lwethu, wathwala usizi lwethu, kepha thina sathi ishaywe, ishaywe nguNkulunkulu, icindezelwe. Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.