I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

U-Isaya 61:10 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

U-Isaya 61:10 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.

U-Isaya 61:10 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.

U-Isaya 61:10 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.