EkaJakobe 1:1-3 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
EkaJakobe 1:1-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo. Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
EkaJakobe 1:1-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela. Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
EkaJakobe 1:1-3 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela. Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa; nazi lokhu ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukubekezela.
EkaJakobe 1:1-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)