EkaJakobe 1:22-25 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
EkaJakobe 1:22-25 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:22-25 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:22-25 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini; Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani. Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:22-25 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)