NgokukaMathewu 14:34-36 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 14:34-36 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.
NgokukaMathewu 14:34-36 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Sebewelele ngaphesheya, bafika eGenezaretha. Kwathi ukuba amadoda akuleyo ndawo ambone, athumela izigijimi kulo lonke izwe; baletha kuye bonke abagulayo. Bamnxusa ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthintayo baphiliswa.
NgokukaMathewu 14:34-36 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Sebewelile, bafika ezweni laseGenesaretha. Kwathi emazi amadoda akuleyondawo, athumela kulo lonke lelo zwe langakhona, aletha kuye bonke ababegula. Bamncenga ukuthi bathinte nje umphetho wengubo yakhe
NgokukaMathewu 14:34-36 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)