I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

NgokukaMathewu 23:23-28 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

NgokukaMathewu 23:23-28 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

NgokukaMathewu 23:23-28 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho. Baholi abayizimpumputhe, nikhetha impukane kwenikuphuzayo, kodwa ningwinye ikameli. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu. MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi.

NgokukaMathewu 23:23-28 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa; Bakhokheli abayizimpumputhe, elihluza insensane, liginye ikamela. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele ukuphanga nokuxhashazwa. MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho. Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke. Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

NgokukaMathewu 23:23-28 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)