NgokukaMathewu 4:17-25 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 4:17-25 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela. UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.
NgokukaMathewu 4:17-25 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. Wathi kubo: “Wozani, ngilandeleni; ngiyakunenza abadobi babantu.” Bashiya amanetha abo ngokushesha, bamlandela. Esedlulele phambili, wahlangana nezelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besesikebheni noyise uZebedewu, belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane isikebhe noyise, bamlandela. Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa. Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.
NgokukaMathewu 4:17-25 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngizanenza nibe ngabadobi babantu. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela. UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke. Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa. Kwamlandela izixuku eziningi zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.
NgokukaMathewu 4:17-25 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)