I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

NgokukaMathewu 6:20-22 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

NgokukaMathewu 6:20-22 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho. “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.

NgokukaMathewu 6:20-22 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho. “Isibani somzimba yiso. Ngakho-ke uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzakukhanya.

NgokukaMathewu 6:20-22 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe; Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona. Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.

NgokukaMathewu 6:20-22 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)