I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseFilipi 3:7-11 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KwabaseFilipi 3:7-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo

KwabaseFilipi 3:7-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu. Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu, ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe, mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.

KwabaseFilipi 3:7-11 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu; njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa; ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe; uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.

KwabaseFilipi 3:7-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)