KwabaseFilipi 4:4-7 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
KwabaseFilipi 4:4-7 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
KwabaseFilipi 4:4-7 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.
KwabaseFilipi 4:4-7 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
KwabaseFilipi 4:4-7 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)