AmaHubo 149:6-9
AmaHubo 149:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo, ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu, babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi, bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!
AmaHubo 149:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukuphakamisa uNkulunkulu makube semilonyeni yabo, baphathe ngesandla inkemba ekhaliphe nhlangothi zombili, ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe. Amakhosi abo bawabophe ngamaketanga, nabadumileyo babo, ngezibopho zensimbi, ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya!
AmaHubo 149:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Indumiso kaNkulunkulu mayibe semilonyeni yabo nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo; ukuphindisela kwabezizwe, lokujezisa ezizweni; ukuze babophe amakhosi abo ngamaketane, lezikhulu zabo ngezibopho zensimbi; ukuze enze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo sokuthi: Loludumo lulodumo lwabangcwele bakhe bonke. Dumisani uJehova.