I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

AmaHubo 63:6-8 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

AmaHubo 63:6-8 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku. Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho. Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.

AmaHubo 63:6-8 ZUL20 (IsiZulu 2020)

lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi. Wena ungisizile, ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho. Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.

AmaHubo 63:6-8 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Lapho ngicabanga ngawe embhedeni wami futhi ngicabanga ngawe emilindelweni yasebusuku. Ngokuba ulusizo lwami, ngalokho ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho. Umphefumulo wami ulangazelela wena, isandla sakho sokunene siyangisekela.