I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KwabaseRoma 6:4-11 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KwabaseRoma 6:4-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.

KwabaseRoma 6:4-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganiswe naye ngokufa okufanayo, siyakuba njalo nangokuvuka. Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe. Kodwa uma safa kanye noKhristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila kanye naye, sazi ukuthi uKhristu esevusiwe kwabafileyo, akasayukufa, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa afa ngakho, wakufa kwaba kanye kuphela ngenxa yesono; kodwa ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu.

KwabaseRoma 6:4-11 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngoba uba sihlanyelwe kanye naye ekufananeni kokufa kwakhe, sizakuba njalo ekufananeni kokuvuka kwakhe; sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono; Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye; sisazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo kasafi; ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono; Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.

KwabaseRoma 6:4-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)