UBilly Graham Isizathu Sethemba LamiIsampula

Billy Graham's the Reason for My Hope

USUKU 14 KWEZINGU- 15

Sicebisiwe

Kulabo abathi ungaba noKristu ngaphandle kokudela utho, uSathane uyanikhohlisa. Ngabe uba ingxenye yebutho lezempi lezwe lakini ngokumane usho unjalo? Cha, uyahlanganyela, wazi ukuthi kungase kukulahlekisele ukuphila kwakho. Ngaphambi kokuthi ugqoke umfaniswano, kufanele ufunge, uqeqeshwe ngokwedlulele, futhi uzinikele kubaphathi. Into emangalisayo ngobuKristu ukuthi lapho umusa kaNkulunkulu usindisa, uMoya kaNkulunkulu uyangena wenze izinguquko zibe khona. Ukuthanda izwe kuthathelwa indawo uthando ngoNkulunkulu nezinto ezimjabulisayo. Uma lesi kungesona isifiso esivuthayo, khona-ke umuntu unesizathu sokungabaza ubuqiniso bokholo lwakhe.

UMartin Luther wathi, “Inkolo enganiki lutho, engabizi lutho, futhi engahlupheki lutho, ayisizi ngalutho.”** Singaba nokholo kuJesu Kristu ngoba wadela konke—igazi lokuphila Kwakhe. Wezwa ubuhlungu baso sonke isono umuntu ayengasicabanga . . . Yeka umnotho okhona kuye.

Lokho akusho ukuthi kufanele silindele ukuthi uJesu asenze sicebe. . . noma nokuba muhle . . . noma asiphe noma yini inhliziyo yethu efisa ngayo. Ukuba ngumKristu kusho ukuthi uNkulunkulu uzosinika izidingo zethu ngokwendinganiso Yakhe, ephakeme kuneyethu. Sishintsha intando yethu ngentando Yakhe.

IBhayibheli lithi “sicetshisiwe nguye kukho konke” (1 KwabaseKorinte 1:5).

Usuku 13Usuku 15

Mayelana naloluHlelo

Billy Graham's the Reason for My Hope

Ithemba Lami I-America noBilly Graham wumzamo kazwelonke owenziwa ngabantu abafana nawe ukuze bafinyelele kubangani babo nabathandekayo babo ngeVangeli likaJesu Kristu. Imibhalo engcwele yansuku zonke nemiyalezo ehambisana nayo ithathwe encwadini yakamuva kaBilly Graham, “Isizathu Sethemba Lami: Insindiso”.

More

Sithanda ukubonga uBilly Graham ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.thomasnelson.com/the-reason-for-my-hope