1
1 KaPhethro 5:7
IsiZulu 2020
niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
Compare
Explore 1 KaPhethro 5:7
2
1 KaPhethro 5:10
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
Explore 1 KaPhethro 5:10
3
1 KaPhethro 5:8-9
Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula. Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.
Explore 1 KaPhethro 5:8-9
4
1 KaPhethro 5:6
Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo
Explore 1 KaPhethro 5:6
5
1 KaPhethro 5:5
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.
Explore 1 KaPhethro 5:5
Home
Bible
Plans
Videos