1
2 KaPhethro 1:3-4
IsiZulu 2020
Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.
Compare
Explore 2 KaPhethro 1:3-4
2
2 KaPhethro 1:5-7
Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu, ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
Explore 2 KaPhethro 1:5-7
3
2 KaPhethro 1:8
Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu.
Explore 2 KaPhethro 1:8
4
2 KaPhethro 1:10
Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.
Explore 2 KaPhethro 1:10
Home
Bible
Plans
Videos