YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 1

1
UKristu mkhulu kunezingelosi zonke
1 UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, 2 ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. 3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, 4 seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu
5 Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
“UyiNdodana yami wena,
namuhla ngikuzele,” na?
nokuthi:
“Ngiyakuba nguYise kuyona,
yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6 Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:
“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7 Ngezingelosi uthi:
“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8 Kepha ngeNdodana uthi:
“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,
singesaphakade naphakade;
intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9 Uthandile ukulunga,
wazonda ububi;
ngalokho-ke uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho,
ukugcobile ngamafutha enjabulo
ngaphezu kwabafowenu,”
10 nokuthi:
“Wena Nkosi,
ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;
amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11 Wona ayakubhubha,
kepha wena umi njalo;
wona onke ayakuguga njengengubo.
12Njengesambatho uyakuwagoqonga,
njengengubo ayakuguquka.
Kepha wena unguye njalo,
iminyaka yakho ayiyukuphela.”
13 Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngenze izitha zakho
zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?
14 Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

Currently Selected:

KumaHeberu 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in