YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 40

40
Abantu bakaNkulunkulu bayaduduzwa
1 Duduzani, nibaduduze abantu bami,
usho uNkulunkulu wenu.
2Qungani iJerusalema isibindi,
nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile
nokuthi buhlanguliwe ububi balo,
ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo
ngazo zonke izono zalo.
3 Izwi liyamemeza lithi:
“Lungisani ehlane indlela kaJehova,
nihlelembe oqwathuleni umgwaqo
kaNkulunkulu wethu.
4Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa,
zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;
amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,
nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
5Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,
yonke inyama ikubone kanyekanye,
ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6 Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”
Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”
Inyama yonke ingutshani,
bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.
Impela abantu bangutshani.
8 Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.
9Khuphukela entabeni ende,
wena, Siyoni, obika okujabulisayo,
uphakamise ngamandla izwi lakho,
wena Jerusalema obika okujabulisayo,
uliphakamise ungesabi,
usho emizini yakwaJuda ukuthi:
“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
10 Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla;
ingalo yayo iyakumbusela;
bhekani, umvuzo wayo inawo,
inkokhelo yayo iphambi kwayo.
11 Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi,
ibuthe amawundlu ngemikhono yayo,
iwagone esifubeni sayo,
ihole kahle izindlezane.
Ngubani onjengoNkulunkulu na?
12 Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe,
walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,
wahlanganisa uthuli esilinganisweni,
walinganisa izintaba ngezikalo*
namagquma ngezisindo, na?
13Ngubani oqondisile uMoya kaJehova,
wamfundisa engumluleki wakhe, na?
14Walulekana nobani waze wamqondisa,
wamfundisa indlela yokwahlulela,
wamnika ukwazi,
wamazisa indlela yokuqonda, na?
15 Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni,
zibalwa njengothuli lwesilinganiso;
bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
16ILebanoni alanele ukubaswa,
nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17Zonke izizwe zinjengento engelutho
phambi kwakhe,
zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
18Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani,
nimlinganise namuphi umfanekiso, na?
19 Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi,
sanamekwa ngegolide ngumkhandi,
sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?
20Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo
uyakhetha umuthi ongaboliyo,
azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo
ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.
21Anazi yini? Anizwa yini?
Anitshelwanga yini kwasekuqaleni,
aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?
22 Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba –
abakhile kuwo banjengezintethe –
noweneka izulu njengendwangu,
alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,
23 nowenza izikhulu zibe yinto engelutho,
nabahluleli ukuba babe yize.
24Yebo, banele ukutshalwa nje,
yebo, banele ukuhlwanyelwa nje,
yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini,
abesephephetha kubo, babune,
isivunguvungu sibasuse njengamabibi.
25“Niyakungifanisa
nobani ukuba ngifane naye?”
usho oNgcwele.
26 Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone.
Ngubani odalile lezo zinto na?
Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo,
abize zonke ngamagama;
ngobuningi bamandla akhe
nangobukhulu bezikhwepha zakhe
ayisilali neyodwa.
27Usholoni wena Jakobe,
ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi:
“Indlela yami isithekile kuJehova,
ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?
28Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
29Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
30Izinsizwa ziyaphela amandla,
zikhathale,
nabasha bawa nokuwa,
31 kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla.

Currently Selected:

U-Isaya 40: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for U-Isaya 40