YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 42

42
Ukukhanya kwezizwe
1 “Bheka inceku yami engiyisekelayo,
okhethiweyo wami othokoza ngaye
umphefumulo wami;
nginikele umoya wami phezu kwakhe,
uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.
2Akayikukhala, adazuluke,
angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.
3Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,
umongo othunqayo akayikuwucima;
uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.
4Akayikudangala, aphele amandla,
aze amise ukwahlulela emhlabeni;
neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”
5 Usho kanje uNkulunkulu uJehova
owadala izulu, waleneka,
nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,
nowanika abantu abakuwo ukuphefumula
nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6 “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,
ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,
ngikubeke ube yisivumelwano sabantu
nokukhanya kwabezizwe,
7 ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,
ukhiphe iziboshwa etilongweni
nabahlezi ebumnyameni etilongweni.
8 “NginguJehova; yilo igama lami;
angiyikunika omunye inkazimulo yami,
nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
9Izinto zakuqala zifikile,
sengimemezela izinto ezintsha;
zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”
Ihubo elisha
10 Mhubeleni uJehova ihubo elisha,
nodumo lwakhe,
kusukela emikhawulweni yomhlaba,
nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,
nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11Ihlane nemizi yalo makujabule
nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,
bahube abakhile emadwaleni,
benanele beseziqongweni zezintaba.
12Mabanike uJehova udumo,
bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13UJehova uyaphuma njengeqhawe;
njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe;
uyakhala, yebo, uyabangalasa,
enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
14 “Sekuyisikhathi eside ngithulile,
ngathula ngazibamba;
sengiyakukhala njengobelethayo,
ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
15Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,
ngomise yonke imifino yawo,
ngenze imifula ibe yiziqhingi,
ngenze amachibi ukuba ashe.
16 Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;
emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;
ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,
namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;
ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17 Bayakubuyiselwa emuva,
bajabhe nokujabha
labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,
abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:
‘Ningonkulunkulu bethu.’
18 “Yizwani nina zithulu;
bhekani nina zimpumputhe,
ukuze nibone.
19Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,
nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?
Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,
oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?
20 Ubona izinto eziningi,
kepha awuqapheli;
izindlebe zakhe zivulekile,
kepha akezwa.”
21Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe
ukuba akhulise umthetho, awudumise.
22Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;
bonke bacushiwe emigodini,
bafihliwe ematilongweni;
bangabokuphangwa,
akakho obophulayo,
yebo, bayimpango,
kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”
23Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu,
aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?
24Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe,
no-Israyeli kubo abaphangi, na?
Angithi nguJehova, esonile kuye,
nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,
nabangawulalelanga umthetho wakhe?
25 Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe,
namandla empi;
kwamvuthela nxazonke,
kepha akakwazanga;
kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.

Currently Selected:

U-Isaya 42: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for U-Isaya 42