YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 50

50
1 Usho kanje uJehova, uthi:
“Iphi incwadi yesahlukaniso
engimlahlile ngayo,
noma ngumuphi enginesikwenetu kuye
engithengisile ngani kuye na?
Bhekani, nathengiswa ngobubi benu,
nangeziphambeko zenu,
unyoko walahlwa.
2 Ngalokho ekufikeni kwami
kwaba ngani ukuba kungabikho muntu,
nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na?
Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa,
ukuze singahlengi na?
Noma angisenamandla okophula na?
Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,
ngenze imifula ibe yihlane;
izinhlanzi zalo ziyanuka,
ngokuba awakho amanzi,
ziyafa ukoma.
3 Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,
ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”
Umsebenzi Wenceku
4 INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi
ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;
ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla
ukuba ngizwe njengabafundi.
5 INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,
mina angihlubukanga,
angihlehlanga nyovane.
6 Nganika abashayi umhlane,
nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;
angibusithelisanga ubuso bami
ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.
7Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza;
ngalokho angijabhanga,
ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha;
ngiyazi ukuthi angiyikujabha.
8 Ongithethayo useduze;
ngubani ongamelana nami na?
Masivuke kanyekanye;
ngubani omangalelana nami na?
Makasondele kimi.
9 Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza;
ngubani oyakungilahla na?
Bheka, bonke bayakuguga njengengubo,
badliwe njengezinundu.
10Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova?
Makalilalele izwi lenceku yakhe
ehambile ebumnyameni,
ethembile egameni likaJehova,
noma ingenakukhanya,
yencika kuNkulunkulu wakhe.
11Bhekani nina nonke eniphemba umlilo,
enibhinca izikhuni,
manihambe ekukhanyeni komlilo wenu
naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo.
Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela
esandleni sami;
niyakulala phansi ngobuhlungu.

Currently Selected:

U-Isaya 50: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for U-Isaya 50