YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 87

87
IJerusalema, ikhaya lezizwe
Elamadodana kaKora. Ihubo. Igama.
1Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.
2 UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni
kunazo zonke izindlu zikaJakobe.
3 Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*
4Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;
yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.
5Kuyakuthiwa ngeSiyoni:
“Yilo nalo wazalelwa khona;
oPhezukonke uyaliqinisa.”
6Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi
lo wazalelwa khona. Sela*
7Abahubayo nabasinayo bathi:
“Imithombo yami yonke ikuwe.”

Currently Selected:

AmaHubo 87: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for AmaHubo 87