YouVersion Logo
Search Icon

1 KwabaseKhorinte 10

10
Ningahlubuki UNkulunkulu Njengalokho Benza Abakwa-lsrayeli
1 Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle, 2bonke babhabhadiswa kuMose efini nasolwandle. 3 Bonke badla ukudla okufanayo komoya, 4 baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu. 5 Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.
6 Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa. 7 Ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye babo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma, basina.”
8 Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000. 9 Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka. 10 Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.
11 Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina. 12 Ngakho-ke lowo othi umile, makaqaphele ukuba angawi. 13 Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Ningakhonzi Izithombe
14 Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, balekelani ukukhonza izithombe. 15 Ngikhuluma njengakubantu abakhaliphileyo; nqumani nina ngalokhu engikhushoyo. 16 Indebe yesibusiso esiyibusisayo, ayisiyo yini inhlanganyelo yegazi likaKhristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo yini inhlanganyelo yomzimba kaKhristu na? 17 Ngokuba isinkwa sinye, nokho thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye. 18 Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Labo abadla imihlatshelo abasibo yini abahlanganyela ne-althare na? 19 Pho ngichazani ngalokho na? Ngabe ngithi okuhlatshelwe isithombe kuwutho noma isithombe siwutho na? 20 Qha, kodwa ngithi: lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amadimoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kangithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namadimoni. 21 Anikwazi ukuphuza indebe yeNkosi kanye nendebe yamadimoni. Anikwazi ukuhlanganyela itafula leNkosi kanye netafula lamadimoni. 22 Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?
Inkululeko YobuKhristu; Uthando
23 Konke kuvunyelwe, kodwa akusizi konke; konke kuvunyelwe, kodwa akwakhi konke. 24 Makungabi bikho ozifunela okwakhe, kepha akube yilowo nalowo afunele omunye. 25Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningaphenyi lutho ngakho ngenxa kanembeza, 26 ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. 27Uma omunye wabangakholwayo enimema, nithanda ukuya lapho, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi mbuzo ngenxa kanembeza. 28 Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza. 29 Angisho unembeza wakho, kodwa unembeza walowo muntu. Kungani inkululeko yami ithiywe ngunembeza womunye na? 30 Uma ngidla ngokubonga, pho ngigxekelwani ngalokho engikubongayo na? 31 Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. 32 Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu, 33 njengalokhu nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okuzosiza mina kuphela, kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

Currently Selected:

1 KwabaseKhorinte 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 1 KwabaseKhorinte 10