YouVersion Logo
Search Icon

1 KwabaseKhorinte 3

3
Indlela Yokulandela Abafundisi
1 Nami-ke bazalwane, ngangingakhulumi nani njengabantu bakamoya, kodwa njengabantu bomhlaba nje, abaseyizinsana kuKhristu. 2 Nganiphuzisa ubisi; anginiphanga ukudla okuqinileyo, ngokuba naningakakulungeli. Yebo, namanje anikakulungeli, 3 ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na? 4 Ngokuba uma omunye phakathi kwenu ethi: “Mina ngingokaPawula,” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo yini abenyama na?
5 Pho ubeyini nje u-Apholo na? Ubeyini nje uPawula na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kuyilowo nalowo njengalokhu iNkosi imphile. 6 Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa. 7 Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo. 8 Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe. 9 Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Ukwakhela Phezu Kwesisekelo Esiyiso
10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. 11 Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu. 12Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga, 13 umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho. 14 Uma umsebenzi womuntu awakhileyo umi phezu kwaso, lowo muntu uyakwamukela umvuzo, 15kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.
16 Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? 17Uma umuntu ebhidliza ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumbhubhisa, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
18 Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. 19 Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli lizwe kungubuwula kuNkulunkulu. Kulotshiwe ukuthi: “Abahlakaniphileyo ubabamba ebuqilini babo,” 20 nokuthi: “INkosi iyayazi imidlinzo yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.”
21Ngakho-ke makungabi bikho kini ozigabisayo kubantu, ngokuba konke kungokwenu, 22 noma uPawula, noma u-Apholo, noma uKhefase noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okusazokuba khona, konke kungokwenu. 23 Nina-ke ningabakaKhristu, uKhristu ungokaNkulunkulu.

Currently Selected:

1 KwabaseKhorinte 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 1 KwabaseKhorinte 3