1 KwabaseThesalonikha 3
3
UPawula Uthumela UThimothewu
1 Kwathi singasenakubekezela, sabona kukuhle ukuba sisale sodwa e-Athene. 2 Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu, 3 ukuze kungabi bikho muntu ozanyazanyiswa yilezo zinhlupheko, ngokuba niyazi ukuthi siqokelwe lokho. 4 Nalapho sisenani, sanitshela kungakenzeki ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwenzeka, futhi niyazi. 5 Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.
UPawula Uyathokoza Ekubuyeni KukaThimothewu
6 Kepha lapho uThimothewu esefikile kithi, evela kini, wasibikela izindaba zokukholwa ezihlabahlosile, nothando lwenu, nokuthi ukusikhumbula kwenu kuhle njalo, futhi niyalangazelela ukusibona, njengokuba nathi sifisa ukunibona. 7Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu. 8 Nokho sesiyaphila manje, uma nimi niqinile eNkosini. 9 Kodwa singambonga ngani uNkulunkulu ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na? 10 Ubusuku nemini siyanxusa singaphezi ukuba sinibone ubuso nobuso, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
11 Sengathi uNkulunkulu, uBaba wethu uqobo, neNkosi yethu uJesu bangayiqondisa indlela yethu eza kini; 12 iNkosi ilwandise luchichime uthando lwenu, nithandane, futhi nibathande nabanye, njengokuba nathi sinithanda, 13 ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.
Currently Selected:
1 KwabaseThesalonikha 3: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.