YouVersion Logo
Search Icon

1 KuThimothewu 2

2
Imithetho Yenkonzo Yebandla
1 Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke; 2 amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka. 3 Lokhu kuhle, futhi kwamukelekile emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu, 4 othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu, 6 owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo. 7 Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
8 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.
Okuqondene Nabesifazane Ebandleni
9 Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo. 10Kepha okufanele abesifazane abathi bayamesaba uNkulunkulu, ukuba bahlobe ngemisebenzi emihle.
11 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. 12 Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma abe negunya phezu kwendoda, kodwa makathule. 13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kulandela u-Eva, 14 futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane okwathi esekhohlisiwe, waphambuka. 15Kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni, othandweni, nasebungcweleni, futhi bezithoba.

Currently Selected:

1 KuThimothewu 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 1 KuThimothewu 2