YouVersion Logo
Search Icon

2 KwabaseKhorinte 10

10
UPawula Uyazivikela Kwabamhlebayo
1 Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi. 2 Ngiyacela manje ukuba uma nginani kungadingeki ukuba ngibonise isibindi ngokubaqonda ngqo labo abathi sihamba ngokwenyama. 3Nakuba siphila sisenyameni, kasilwi ngokwenyama, 4 ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi, 5nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu. 6 Sihlala sikulungele ukujezisa konke ukungalaleli lapho ukulalela kwenu sekuphelele.
7 Ake nibheke nje lokhu okuphambi kwenu. Uma umuntu ezazi kahle ukuthi ungokaKhristu, makakuqonde lokhu ngokwakhe ukuthi njengokuba yena engokaKhristu, nathi sinjalo. 8Nakuba ngingaze ngizincome ngokwedlulele ngegunya lethu eyasipha lona iNkosi lokwakha kungabi ngukubhidliza, angiyukuba namahloni ngalo. 9Angifuni ukuba ngibonakale sengathi ngiyanethusa ngezincwadi enginibhalela zona. 10Bathi izincwadi zakhe zinzima futhi zinamandla, kodwa uma esekhona ngokomzimba ubuthakathaka, futhi ukukhuluma kwakhe kudelelekile. 11 Onjalo makaqonde ukuthi esiyikho ngamazwi ezincwadini ngesikhathi singekho, siyakuba yikho futhi ngezenzo uma sesikhona.
12 Ngokuba asithandi neze ukuzilinganisa nokuzifanisa nabathile balabo abazincomayo. Kepha lapho bezilinganisa nabanye phakathi kwabo, bazifanisa nabanye ngendlela engenangqondo. 13 Kepha thina asinakuzibonga ngaphezu kwalokho esifanele ukuzilinganisa ngakho, kodwa kuyakuba ngesilinganiso salokhu uNkulunkulu asimisele khona, ukuze sikwazi ukufinyelela nakini. 14Ngokuba asizincomi ngokungaphezu kokufanele ngokungathi asizange sifinyelele kini, saba ngabokuqala ukufinyelela kini nevangeli likaKhristu. 15 Asizibongi ngokwedlulele ngemisebenzi yabanye, kodwa ithemba lethu ngelokuthi ngesikhathi ukholo lwenu lukhula, nendawo yethu phakathi kwenu iyakwandiswa kakhulu, 16 ukuze silishumayele ivangeli nasezindaweni eziphambi kweyakini, singazincomi ngezinto ezenziwe endaweni yomunye. 17 Kepha ozincomayo, makazincome eNkosini. 18 Ngokuba akusiye lowo ozincomayo okufanele amukelwe, kodwa yilowo iNkosi emncomayo.

Currently Selected:

2 KwabaseKhorinte 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in