YouVersion Logo
Search Icon

2 KwabaseKhorinte 11

11
UPawula Nabaphostoli Bamanga
1Sengathi ningangibekezelela kulobu buwulana bami, yebo, ngibekezeleleni. 2 Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa. 3 Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu. 4 Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho. 5 Ngokuba ngicabanga ukuthi angehluke ngalutho kulabo baphostoli abaziwa kakhulu. 6 Noma ngakolunye uhlangothi ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngolwazi; lokho sikubonakalisa kinina ngezindlela zonke nasezintweni zonke.
7 Kumbe ngonile yini ngokuzithoba, ukuze nina niphakanyiswe, kwazise ivangeli likaNkulunkulu nganishumayeza lona ngesihle na? 8 Ngawaphanga amanye amabandla ngokuthatha umholo kuwo, ukuze ngikhonze nina. 9 Nalapho nginani ngeswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakhedoniya bakuqeda ukweswela kwami. Ezintweni zonke ngaqinisela ukuba ngingabi ngumthwalo kini, namanje ngisazokuzilinda. 10Njengokuba iqiniso likaKhristu likimi, ukuzincoma kwami anginakuphucwa khona ezifundeni e-Akhaya. 11Ngani na? Ngenxa yokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi. 12Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho.
13 Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu. 14Nokho akumangalisi, ngokuba noSathane waziguqula wazenza ingelosi yokukhanya. 15 Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga, kodwa ukuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo. 16 Ngiyaphinda ngithi: makungabi bikho muntu ocabanga ukuthi ngiyisiwula, noma ngabe nicabanga kanjalo, kepha ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizincome kancane. 17Engikushoyo maqondana nalokhu kuzincoma, angikusho ngegunya elivela eNkosini, kodwa njengesiwula. 18 Ngenxa yokuba baningi abazincomayo ngokwenyama, nami-ke ngiyazincoma. 19Nina niyazibekezelela ngenjabulo iziwula, nibe nihlakaniphile nina, 20ngokuba niyakubekezela uma umuntu enenza izigqila, enichutha, enibamba, ezikhukhumeza, nalapho enimukula ebusweni. 21Nginamahloni ukuba ngisho lokhu, ngokuba kade sibuthakathaka, kodwa manje umuntu anesibindi ngakho – ngikhuluma ngobuwula, nami nginesibindi ngakho. 22BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo. 23 Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi. 24 KubaJuda, ngabhaxatshulwa imivimbo engama-40, amahlandla ayisihlanu, kusala kuphela owodwa ema-40. 25 Ngashaywa ngezinduku izikhathi ezintathu, ngakhandwa kanye ngamatshe, izikhathi ezintathu ngalinyalelwa ngumkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini. 26 Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga. 27 Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze. 28 Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke. 29 Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?
30 Uma kufanele ngizincome, ngiyakuzincoma ngobuthakathaka bami. 31 UNkulunkulu uYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi manga ngalokho. 32 NgiseDamaseku induna yenkosi u-Aretha yawuqapha umuzi wabaseDamaseku ukuze ingibambe; 33ngehliswa ngefasitela ogangeni ngifakwe esilulwini, ngaphunyuka kanjalo ezandleni zayo.

Currently Selected:

2 KwabaseKhorinte 11: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in