YouVersion Logo
Search Icon

2 KwabaseKhorinte 7

7
UPawula Uchichima Intokozo
1 Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. 2 Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu, asonanga muntu, asonakalisanga muntu, futhi asidlalanga ngamuntu. 3Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani. 4 Ngineqholo ngani, nginokuzigabisa okukhulu ngani, ngigcwele ukugqugquzeleka, futhi ngichichima intokozo phezu kosizi lonke olusikhungethe.
5 Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi. 6 UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu, 7hhayi nje ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangokugqugquzela agqugquzeleka ngakho ngani. Wasilandisa futhi ngokungilangazelela kwenu, nangokulila kwenu, nogqozi lwenu ngami; ngaze ngathokoza kakhulu.
8 Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola, ngokuba ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – 9manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabuka kwaba ngukuphenduka, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. 10 Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni. 11Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba. 12Nakuba nganibhalela, anginibhalelanga ngenxa yothile owonileyo, kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. 13Ngakho-ke siduduzekile, futhi ekududuzekeni kwethu sathokoza, ikakhulu ngenxa kaThithu omoya wakhe uhlunyeleliswe yinina nonke. 14 Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso. 15 Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela. 16 Ngiyathokoza, ngokuba kukho konke nginesibindi kini.

Currently Selected:

2 KwabaseKhorinte 7: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 2 KwabaseKhorinte 7