YouVersion Logo
Search Icon

2 KwabaseThesalonikha 2

2
Ukufika KweNkosi Nokufika Komuntu Ongenamthetho
1 Mayelana nokubuya kweNkosi yethu uJesu Khristu, nokubuthanela kwethu kuyo, siyaninxusa bazalwane, 2 ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile. 3 Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso, 4 omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.
5 Anikhumbuli yini ukuthi ngisenani nganitshela ngalokho na? 6 Seniyakwazi okumbambezeleyo manje, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe. 7 Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela nje ukuba kudediswe yena obambezelayo manje. 8 Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika. 9 Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga, 10 nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengakuvumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe. 11 Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga, 12 ukuba behlulelwe bonke abangakholwanga yiqiniso, kodwa bejabulela ukungalungi.
Ukubonga Nokunxusa KukaPawula
13 Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso, 14 anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Khristu. 15 Ngalokho-ke bazalwane, yimani niqine, nibambelele kulelo qiniso enalifundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16 Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle, 17 angazigqugquzela izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for 2 KwabaseThesalonikha 2